Kulo Nyaka Ka Oliver Tambo, Kumele UKhongolose Azibophezele Ekufezeni Umqulo Wenkululeko

Sekuwumlando ukuthi uKhongolose waqeda umbuso wamaBhunu, kepha ngeke umlando ulethe umsebenzi, imfundo yamahhala, nokubuyiswa komhlaba ebantwini.
Oliver Tambo President of the African National Congress waits to deliver his speech at Georgetown University in 1987.
Oliver Tambo President of the African National Congress waits to deliver his speech at Georgetown University in 1987.
Mark Reinstein / Corbis / Getty Images

Enye yezinjula buchopho esadumile namanje, kodwa eseyakhothama, futhi eyayiKomanisi lokuqina uKarl Marx, wathi "Kuwo wonke umlando, imibono yalabo ababusaso, amasu aso lesosingaba esiphethe amandla ombuso omnotho kuhlale kwenzeka intando."

Sicaphuna lamazwi alesi sigayigayi samaKomanisi uMarx kwazise phela emasontweni adlule bekunendumezulu yomhlangano edolobheni laseDavos eSwitzerland lapho ongxiwankulu, ohulumeni bamazwe, nemibutho yabasebenzi neyabahlali bebehlangene bezodingida isimo somnotho, baphinde bacobelelane ngolwazi ukuthi amazwe ahlukene angaphuma kanjani obishini akuwo kulesi sikhathi esiphila kuso.

Umbiko ovelile ukuthi umnotho uhleli ezadleni zabantu abangu 1% lokhu kudweba isithobe esibi sokuthi laba abadla izambane likapondo baphila kangcono kunezimfabanga.

Okubi ngalokhu ukuthi ezokusakaza ezisezandleni zongxiwankulu azange zilubike loludaba ngendlela egculisayo.

Lokhu kufakazela amazwi kaMarx mhla ethi "labo abaqhoqhobele umnotho yibo abasincelisayo ukuthi sifundani emphepheni futhi sibukani kumabonakude nokuthi sicabanga kanjani."

Ichilo elikhulu ukuthi lomhlangano obuseDavos bekufanele izimfabanga kanye nolusha emhlabeni jikelele, ikakhulukazi la eNingizimu Afrika iwulandele ngamehlo okhozi. Kwazise siyazi ukuthi iNingizimu Afrika ihamba phambili emhlabeni jikelele futhi ngabe isithole indondo yegolide yokuthi iyizwe elihamba phambili ngokungalingani ngokwamazinga empilo kubantu, nangamathuba emisebenzi.

Ngalokhu asinyatheli phansi umsebenzi omuhle owenziwe iqembu elibusayo uKhongolose (ANC) okuyilona qembu elasikhipha ngaphansi kombuso wengcindezelo wamaBhunu. Futhi ilona qembu elikwazile ukuletha intuthuko ezimpilweni zabantu abaMnyama.

Isikhathi sokucula ezinkundleni "Mawubuy'umhlaba'' siphelile. Sidinga nje ubuholi obuqotho nobunobuhlakani obuhlonipha inhlangano, nokuzimisele nabantu ukufeza izinjongo.

Kodwa lokhu sekuwumlando emehlweni abantu abaningi ngoba ngeke umlando ulethe umsebenzi, imfundo yamahhala, ukubuyiswa komhlaba kanye nokwenza umsebenzi ahole imali ephilisayo.

Kubalulekile ukuthi uKhongolose uzinuke amakhwapha kwazise kukhetho lohulumeni basemakhaya ulahlekelwe omasipala abakhulu, Egoli, eTshwane, eBhayi kanye nabanye ebaphethe ngokubambisana namanye amaqembu.

Kubalulekile ukuthi sikusho lokhu uKhongolose yiqembu elikhulu futhi elincike kakhulu ezinhliziyweni zabantu bakwethu ngoba yilona qembu kusanzima sihlukunyezwa amaBhunu okuyilona elakwazi ukuphuma ngaphandle laya ekudingisweni lolola umkhonto; ubuholi babo obuningi bagcwala amajele engcindezelo, futhi lalahlekelwa ngegazi izigayigayi namavolontiya elwa nombuso wengcindezelo.

Njengoba isigungu esikhulu sikaKhongolose, sibeke unyaka ka-2017 njengonyaka kaMongameli u-Oliver Tambo, kumele uKhongolose uzibophezele ekufezeni izidingo ngqangi ezitholaka emqulwini wayo wenkululeko (Freedom Charter) phecelezi umhlaba awubuyele ezandleni zabantu; izimboni ezinkulu kanye namabhange mazibe ngaphansi kwahulumeni; imfundo yamahhala kusukela emazingeni aphansi kuze kufike kwaphakeme; izikhungo zokwelapha ezisezingeni eligculisayo kanye namazinga okuphila alinganayo.

Uma uKhongolose engenza lokhu umuntu oMnyama kanye nezingane eziMnyama zingabona zinesithunzi futhi ziphethe ezweni lokhokho.

Ngamafuphi isikhathi sokucula ezinkundleni "Mawubuy'umhlaba" siphelile. Sidinga nje ubuholi obuqotho nobunobuhlakani obuhlonipha inhlangano, nokuzimisele nabantu ukufeza izinjongo. UMongameli uTambo noma ikuphi la ekhona uyojabula uma ebona ukuthi umbutho wakhe, umbutho wabantu uzifezile izinjongo zomqulu wenkululeko.

Isikhumbuzo sikaKarl Marx, eMoscow, Russia.
Isikhumbuzo sikaKarl Marx, eMoscow, Russia.
demerzel21

EDavos ilapho ekubanjelwa khona minyaka yonke umhlangano weWorld Economic Forum ohanjelwa kakhulu idlanzana lezikhondlakhondla ezicwila emafutheni futhi ezinamandla emhlabeni. Futhi yilapho oMongameli bamazwe noma ohulumeni noNgqogqoshe befunzwa khona ongxiwankulu ukuthi baphasise izinqumo mgomo ezincike kakhulu kubo. Yilapho ke ezokusakaza nabezindaba besetshenziswa khona ekudidiseni imiqondo yabantu ukuthi lo mhlangano ukuthi ubaluleli ngangokuthi ungaphucula izimpilo zabantu kanti akunjalo kudukiswa abantu khona ongxiwa bezoqhubeka nokudla bodwa ebhodweni kuthi labo abadla imbuya ngothi baqhubeke bahlupheke kanye nezingane zabo zingatholi ikusasa eliqhakazile ukuze zingafani nezomacaphuna kusale.

Isiminingi lemihlangano ihlala eminyakeni edlule kodwa kucace bha ebantwini bonke emhlabeni ukuthi ushitsho alukho, kwazise amazinga endlala nokuntuleka komsebenzi kuyanda kanye futhi nodlame olubhebhezelwa umbuso wobunxiwankulu lulokhu luqhubeke njalo.

Sekuvele kwacaca ukuthi umbuso wobungxiwankulu emhlabeni jikelele kanye nalapha eNingizimu Afrika usuhlulekile ukuletha izinguquko ezibonakalayo ezingakwazi ukwenza umehluko obonakalayo ezimpilweni zabantu njengoba bathenjiswa ngo 1994 ngaphansi kobuholi bukaMongameli uNelson Mandela.

Okumele sikwazi ukuthi lo mhlangano obanjwa minyaka yonke eDavos uyatshengisa kithi sonke ukuthi umhlaba uphethwe ngamandla obani. Kuyacacisa ukuthi ongxiwankulu ibona abaphethe. Lokhu kumele kulethe ugqozu kubantu bakithi ikakhulukazi izimfabanga kanye nolusha oluhluphekayo ukuthi kumele lube imbumba ezokwazi ukulwisana nombuso wobungxiwankulu, wakhe umbuso ozokwazi ukuhambisa phambili izimfuno nezidingo zabantu abahlwempu.

Close

What's Hot