Makungabi Yingqephu Phambili Kwinkulumo Yesimo Sezwe kaMongameli Zuma

Kubalulekile ukuthi kungabi yingqephu ehamba phambili, kodwa akube yindlela lenkulumo Yesimo Sezwe, ukuthi izidingo zabantu zifezeka kanjani, futhi nini.
Malusi Gigaba and his wife arrive for the State of the Nation Address on February 11, 2016 at Parliament in Cape Town, South Africa. Zuma delivered his address last night.
Malusi Gigaba and his wife arrive for the State of the Nation Address on February 11, 2016 at Parliament in Cape Town, South Africa. Zuma delivered his address last night.
Lerato Maduna / Foto24 / Getty Images

Inyanga kaNhlolanja (Februwari 2017) sekwiyinyanga ebaluleke kakhulu eNgizimu Afrika, kwazise phela ukuthi minyaka yonke, kusuke kulindelwe ngamehlo ambomvu, inkulumo kaMongameli Yesimo Sezwe. Lenkulumo edume ngokuthi, i-State of the Nation Address (SONA), ihanjelwa amalunga avela kumaqembu ahlukene ePhalamande, nezimenywa eziqavile, kanye namanye amalunga avela kwizinhlaka ezihlukene ezweni.

Namhlanje kusihlwa uMongameli Jacob Zuma, uzothula Isimo Sezwe, esizovezwa bukhoma eziteshini ezahlukene zikamabonakude kanye nezokusaka ngomoya. Ngale nkulumo Yesimo Sezwe, okuzohamba phambili ematheni nasemehlweni abantu abaningi, yingqephu kanokusho eyobe igqokwe osopolitiki kanye nosaziwayo.

Kubalulekile ukuthi kungabi yingqephu ehamba phambili, kodwa akube yindlela lenkulumo Yesimo Sezwe, ukuthi izidingo zabantu zifezeka kanjani, futhi nini.

Njengoba sazi sonke ukuthi iNingizimu Afrika ihamba phambili ekubeni nendondo yegolide, ngokuba nesibalo sabantu abaningi abaphila ngokungalingani. Phezu kwalokho, amazinga endlala asanda ebantwini, futhi namathuba emisebenzi angcipha kakhulu.

Ngaphandle kwengqephu, okunye okuzoba sematheni, yindlela abahlaziyi abazoyi khahlela ngayo. Okunye esekujwayelekile, yindlela iqembu le Economic Freedom Fighters (EFF) elizosiphatha ngayo, ngokuzama ukwehlisa isithunzi futhi lihlambalaze isiqu sikaMongameli, ngosuku lwenkulumo ebaluleke kangaka.

Okubalulekile wukuthi lenkulumo iyona ezobe iphethe umhlahlandlela nezinhlelo zikaHulumeni zokushintsha izimpilo zabantu. Kubalulekile ukuthi uMongameli Zuma, angaphazamiswa uma esenza inkulumo, kwazise ithemba labantu abahluphekayo nekusasa lisezandleni zikaMsholozi.

Members of Julius Malema's Economic Freedom Fighters (EFF) (in red) clash with security officials after being ordered out of the chamber during President Jacob Zuma's State of the Nation address in Cape Town, February 12, 2015. The opening of South Africa's parliament descended into chaos on Thursday as security officers fought with far-left Economic Freedom Fighters (EFF) lawmakers after they disrupted President Jacob Zuma's speech.
Members of Julius Malema's Economic Freedom Fighters (EFF) (in red) clash with security officials after being ordered out of the chamber during President Jacob Zuma's State of the Nation address in Cape Town, February 12, 2015. The opening of South Africa's parliament descended into chaos on Thursday as security officers fought with far-left Economic Freedom Fighters (EFF) lawmakers after they disrupted President Jacob Zuma's speech.
Rodger Bosch / Reuters

Uma uMongameli Zuma enza lenkulumo, kumele acabange imindeni eminingi, ephila ngaphansi kosizi kanye nendlala. Kungakuhle uma inkulumo, ingaba yimpendulo emindenini yakwaLuthuli kanye nakwaSeme.

Lemindeni emibili yakwaLuthuli nakwaSeme, balindele lukhulu kulenkulumo. Emasontweni adlule uNomaKhongolose Luthuli (57), waseNchanga, kanye no Mawubuye Seme (49), wakwaXimba balahlekelwe umsebenzi enkampanini ekhiqiza izinkukhu iRainbow Chicken. Bayingxenye yabasebenzi abayi-1,350 abadiliziwe. Kwenzeka lokhu nje, ongoti bezomnotho bathi amathemba mancane kakhulu ukuthi umnotho wethu ungadala amathuba emisebenzi, edingekayo kakhulu la eNingizimu Afrika. Kwazise phela izinkampani ezinkulu kanye nabatshali zimali basesitelekeni ngokungadali amathuba anele omsebenzi.

EkaLuthuli noSeme, usizi lodwa, kwazise uNkz Luthuli kanye noMnuz Seme, babhekwe yinja endleni. Njengoba bebeqashiwe, umthwalo wokondla imindeni yabo ubise ezandleni zabo. Kodwa konke lokhu sekushabalele, futhi abazi ukuthi bazokwenza njani. Indodakazi ka Nkz Luthuli, uMayihlome Luthuli (26), usehlale ekhaya izinyanga ezingaphezu kwa-24, engawutholi umsebenzi, okumanje uselahle ithemba lokuwufuna. Kwathi indodana kaMnuz Seme, uMzabalazo Seme (22), uphila ngokudayisa amaqanda, wayesebenza eDunlop, wadilizwa ngonyaka ka-2011.

Kule mindeni emibili, kanye neminye eminingi eNingizimu Afrika, balindele lukhulu enkulumweni yabusihla. Sikhuluma nje, kunabantu abalinganiselwa eziyi-14 million abalala bengadlile; bese kuthi kunabantu abalinganiswelwa kumaphesenti awu 24% abangasebenzi. Lokhu akusona isithombe esihle, kwazise iNingizimu Afrika, izwe elinothe kakhulu, futhi elingakwazi ukunakekela abantu bayo ngaphandle kwenkinga.

Siselapho, umbiko okhishwe ngabakwaStatSA, uveze ukuthi abamhlophe basahola imali eningi kakhulu, uma ubaqhathanisa nozakwabo abaMnyama. Konke lokhu esikubekaya kuveza ngokusobala ukuthi ziningi izinselelo ezisabhekene noHulumeni.

Noma umlando ubalulekile, kanye nobuqhawe bubalulekile, kokubili lokhu, ngeke kusule amaqiniso, okuthi "iseyinde indlela" eyaphambili. Abantu ngeke badle umlando okanye ubuqhawe. Kuzomele uMongameli akhulume ngezinto ezithinta thina ngengabantu, ikakhulukazi lokhu okulandelayo:

  • Umhlaba kuzomele ubuyele ezandleni zabantu abaMnyama, ngaphandle kwesinxephezelo;
  • i-SA Reserve Bank ayibe ngaphansi kukaHulumeni, futhi idlale indima enkulu ekulisweni indlala, kanye nokudala amathuba emisebenzi;
  • Ukulethwa kwemfundo yamahhala emazingeni aphakeme;
  • Ukuvalwa kokuxhashwazwa kwabasenzi ngamaholo, ngokuthi kungabi khona umsebenzi ohola ngaphansi kuka R12,500;
  • Ukuthi amalahle (coal) awathathwe njenge simbiwo esibalulekile, futhi okumele sibe ngaphansi kwesandla sikaHulumeni, khona u-Eskom, ezokwazi ukuthola amalahle ngenani eliphansi, khona u-Eskom usokwazi ukudlala indima yayo ekukhanyiseni izwe;
  • Inkampani ekhiqiza okusa nsimbi i-AecellorMittal, ibuyele ngaphansi kombuso kaHulumeni;
  • Uhulumeni athule iBasic Income Grant kukuze kungabi khona umuntu olambayo noma ontula umsebenzi;
  • Ukuqedwa kwemijondolo, khona abantu bakithi bezophila impilo enesidima njalo njalo.

Uma uMongameli Zuma, angazibophezele, kulemibono elotshiwe kulengosi, umehluko omkhulu ungaba khona. Futhi lokho kungavusa ithemba ebantwini ngeqembu elibusayo.

Close

What's Hot